Table of Contents Table of Contents
Previous Page  7 / 100 Next Page
Information
Show Menu
Previous Page 7 / 100 Next Page
Page Background

7

2022 UNDERGRADUATE PROSPECTUS

UMLAYEZO OVELA

KUSEKELA SHANSELA

NOTHISHANHLOKO

Masinyane uzobe uthatha uhambo olusha.

Ukukhetha okwenzayo manje, iminyango

okhetha ukuyivula manje, izoba nomthelela

omkhulu empilweni yakho. Ezinye zezinqumo

ezimbili ezibaluleke kakhulu okufanele uzithathe

ukuthi uzothatha ziphi izifundo nokuthi

uyofunda kuphi. Iyiphi inyuvesi ozoyikhetha

ukuba ibe yikhaya lakho?

INingizimu Afrika inezinguquko eziningi. Izwe lethu

lidinga abaholi abanobuqabavu ukuzosiholela

kukusasa eliqhakazile, ikusasa elithuthukisa wonke

umuntu. Ukudlulisa kahle ulwazi kubalulekile

ngakho-ke imfundo ibalulekile. Uma ungazi ungeke

ukwazi ukuhola. Enyuvesi yase-Johannesburg

(UJ), sizibophezela ekukudaleleni izimo zokuba

ube ngomunye walaba baholi abanogqozi

nabaphumelelayo.

Okubaluleke kakhulu kithina ukuqhubekela phambili

kwakho kwezemfundo nokuthuthukisa ukukhalipha

komqondo wakho bese kuthi ekugcineni

kulolongwe oneziqu ohlonyiswe ngokuphelele

ukuba ahlanganyele nendawo yomsebenzi,

ekhaya naphesheya kwezilwandle. Umbono

wethu ukunifundisa ukuba nibe ababambiqhaza

abaphumelelayo oguqukweni lwesine lwezimboni

lapho ithekhnoloji iguqula khona yonke imikhakha

yempilo yethu ngisho nasemakhaya nasemisebenzini

imbala.

E-UJ, uzohlangabezana nemiqondo ephusile

kwezemfundo ukusuka emazweni ngamazwe

emhlabeni, ezonikela empumelelweni yakho

kwezemfundo. Uzofanela nokuthi ukhethe

phakathi kwezinhlelo eziningi eziwungqa phambili,

ukusuka kumadiploma wabangakathweswa iziqu

kufikela kuziqu zobudokotela kumafakhalithi

ethu ayisishiyagalombili. Izindlela ezisebenzisa

ithekhnoloji kakhulu, eziqhathaniseka kahle

namanyuvesi aseqophelweni eliphezulu emhlabeni,

zisetshenziswa ekufundiseni nasekufundeni.

Abafundi bethu bangumndeni wethu. Sihlinzeka

ngendawo ejabulisayo, ephephile, enokweseka,

nendawo evuselela ubuhlakani. Uzokwazi

ukuxhumana nabangane abazokwazi ukuba nawe

impilo yakho yonke.

Sihlala sinaka ukukhulisa ulwazi lwakho

njengomfundi. Ukukusiza ukuwela ukusuka

esikoleni ukuya enyuvesi. Uhlelo Lwabaqalayo e-UJ

lunikeza ukweseka namathuba okuzithuthukisa

kanti izinhlelo ezinamandla zemfundo nokwesekwa

abasizi bafundisi ziqinisekisa uhambo oluqondile

ezifundweni zakho zasenyuvesi. Uhlelo lwabafundi

abadala luzokusiza uma usuya ngasonyakeni

wokugcina, wokwethweswa iziqu nokwedlula lokho,

lingakufaka ekuzuzeni iziqu ezingaphezulu noma

empilweni yokusebenza ngobuchwepheshe. Izinhlelo

ezengeziwe zokukweseka kanye namathuba okwenza

imisebenzi engeyona ingxenye yezifundo kuzonikela

ekukuthuthukiseni ngokuphelele.

E-UJ sisha amashushu ngokusebenzela umphakathi

nokwenza umehluko emphakathini wethu. Uzothola

ithuba lokuhlanganyela nabanye abafundi ukuletha

izinguquko eziwusizo.

Isimo somhlaba se-UJ nemfundo enamandla yaziswa

izinhlelo eziphezulu zemfundo ephakeme emhlabeni.

Ukugcwalisa, i-UJ yiyona yodwa inyuvesi yase-Afrika

eke yahlonishwa ngobulungu be-U21, inhlangano

ekhethekile yamanyuvesi omhlaba wonke ukusuka

kuwo wonke amazwekazi, lapho ubuningi bawo

abekwe e-100 eliphezulu emhlabeni. Lobu bulungu

busixhumanisa nabantu abahle impela kwezemfundo

ephakeme emhlabeni.

I-UJ yinyuvesi eseyintsha enamandla futhi abathole

iziqu khona bayagqama ezweni lethu, ezwenikazini

nangale kwalo. Sithuthukisa abafundi bethu ukuba

babe ababambiqhaza abaseqophelweni Oguqukweni

Lwesine Lwezimboni, lapho ithekhnoloji iguqula

yonke imikhakha yempilo yethu, kufaka namakhaya

nezindawo zokusebenza. Iziqu zakho zase-UJ zihlelwe

ukukusiza ukumisa umsebenzi wakho ngendlela

yokuthi mhla uthweswa iziqu, ube nakho konke

okudingayo ukuba umuntu ocabanga ngekusasa

nokuthi usize umhlaba wethu – inxusa loqobo

lophawu lwase-UJ.

Ukukhetha kwakho i-UJ njengekhaya lakho lemfundo

ukuzibekela okuhle kakhulu ongakwenza.

Slz Tshilidzi Marwala

USekela-Shansela neNhloko